Ihhovisi lolwazi lobuchwepheshe i- Meta-information, ngoMnyango Wobuciko Namasiko, liqala futhi lixhase ngezimali uphenyo lwezinhlelo Zemitapo Yezincwadi Nokwazisa (LIS) ezingeni likazwelonke.
Yonke le misebenzi engenhla yenzelwa ukuthi ulwazi lutholakale kuzwelonke.
IHhovisi elingaphansi kwelikhulu lezolwazi yilona eliyinhliziyo kazwelonke kuHulumeni kazwelonke olubhekene nezinqubomgomo ezithize zensiza yemitapo nolwazi (LIS) kuzwelonke. Ezolwazi kuchaza ulwazi oluphathelene nolwazi.
Umbono weHhovisi elingaphansi kwelikhulu ukuba lakhe futhi ligcine uhlelo olunempumelelo lwezolwazi oluzokhuthaza ukufinyelela kulwazi, liqinisekise ukuthi yonke imiphakathi iyalibamba iqhaza kuMphakathi wezoLwazi, lokho okuzoba negalelo entuthukweni yezwe. Impokophelo yalo ukweluleka uNgqongqoshe Wezobuciko Namasiko, Wezesayensi Nezobuchwepheshe malungana nentuthuko, ukudidiyelwa, kanye nokugcinwa kwenqubo-mgomo nengqalasizinda yezolwazi kuzwelonke.
Lezi zinhlangano zinegalelo ekwakheni ingqalasizinda kazwelonke yensizakalo yeMitapo yeziNcwadi noLwazi, okube sekusiza nezinye izinhlobo zemitapo ukuba zikwazi ukuhlinzeka usizo lokunika ulwazi emiphakathini yayo.
IHhovisi elingaphansi kwelikhulu lisebenza njengeHhovisi Elikhulu leKomiti elimiswe ngokusemthethweni leziKhungo Ezigcina Imibhalo noLwazi Ngokusemthethweni neloMkhandlu kaZwelonke omiswe ngokusemthethweni weziNsizakalo zeMitapo yeziNcwadi noLwazi. Ihhovisi lezolwazi libuye lengamele uhlelo lokwakhiwa kabusha kwekomidi nomkhandlu.
